Inyaope ihlukumeza imindeni nomphakathi
Ukusetshenziswa kwezidakamizwa ezifana ne Nyaope kanye ne Crystal kudlangile ezweni lasNingizimu Africa, izindawo ezigoqela i Midvaal nazo aziphephanga kulokhu.
Abafana nama ntombazane sebephenduke izigqila zalezidakamizwa. Ukuze labo ababhemayo bathole imali yokuthenga izidakwamizwa baye batshontshele imindeni yabo, omakhelwane baphinde babambe inkunzi.
Ayikho into ephephile lapho kukhona khona obhema izidakwamizwa ngoba bathatha kwasani bayothengisa. Sixoxisane nomzali ogcwele usizi ngenxa ye Nyaope uthi abantu bacabanga ukuthi mawuzele ingane ebhema izidakamizwa awuhlukumezi kanti cha nawe uyahlukumezeka. Ngoba
oNyaope baqala ngokutshontsha endlini, batshontsha imali, omakhala ekhukhwini izitsha, amabodwe, izinsimbi nokunye nje.
Uthe: “Akekho umzali ofuna ingane yakhe iphume endleleni wonke umzali ufisela ingane yakhe ikusasa eliqhakazile. Akekho umzali othuma ingane yakhe ukuba igangele abantu. Kubuhlungu ukuthi usabe noma ungathembi ingane uyizele. Izidakamizwa zimosha izimpilo zabantu futhi ngiyafisa ukuba laba
abazithengisayo baboshwe. Kubuhlungu ukubona ingane yakho isingenalo ikusasa elihle, iyisigebengu esihlukumeza abantu. Oweza ne Nyaope ulibulele izwe. Ngifisa ukuthi ugavamenti wethu uqinise umthetho kulabo abadayisa izidakwamizwa.”