Ukubuyiselwa kuka-Eskom kuzothatha isikhathi
U-Eskom ubheke ukuthi kungenzeka yini ukuqalisa ukusebenza kweSigaba sesi2 nesesi-3 sokucishwa kukagesi eminyakeni emibili ezayo ukuze iziteshi zikagesi zikwazi ukubhekana nezinkinga zokulungiswa kanye nokuqinisekisa ukubikezelwa kwamandla kagesi kubantu baseNingizimu Afrika.
Lokhu kushiwo uSihlalo weBhodi lakwa-Eskom uMpho Makwana osanda kukhuluma ngesikhathi kunesithangami sabezindaba mayelana nezinselelo zendlela yokusebenza yenkampani kagesi kanye nokwethulwa kohlelo lokuguqula isimo sale nkampani.
“Sifuna ukuqinisekisa ukuthi sakha ukubikezelwa okuthile ngokuqalisa izinga elithile lokucishwa kukagesi kweSigaba sesi-2 nesesi-3 eminyakeni emibili ezayo, ukuze sinikeze indawo eyanele yokulungiswa kwezinto kuyilapho kunikezwa izwe izinga lokubikezela noma ukungaguquguquki ukuhlela izimpilo zabo okungcono.”
“Ukusuka kwesinye isigaba [sokucisha ugesi] uye kwesinye ngesikhathi esifushane akulungile kunoma yiliphi ibhizinisi kunoma iyiphi indawo emiphakathini yethu,” kusho uMakwana.
Wachaza ukuthi lesi sinyathelo siyingxenye yohlelo olubanzi lokuphinda kuqalwe kabusha iziteshi zikagesi zakwaEskom ezindala.
UMakwana uqinisekise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi amathimba aseziteshini zikagesi ezweni lonke “asebenza kanzima ukuze zibe ngcono” ngokuphathelene nokwethembeka.
Ukubuyisela esimweni esijwayelekile UMakwana uthe uhlelo luka-Eskom lokuhlenga kabusha luhlanganisa iziteshi zikagesi iKendal, iMatla , iMajuba, iDuvha , iTutuka kanye neKusile ukuze kubhekwane nezinselelo ezikhona zokucisha ugesi.
“Lezi ziteshi kumele zibekwe eqhulwini ngokuthuthukisa ithalente elisezingeni eliphezulu nemali eyanele.
“Ukwenza iziteshi eziyisithupha zikagesi zithembeke kanye neyunithi eyengeziwe eKusile [okulindeleke ukuthi ibuyiselwe kugridi ngoNtulikazi] kuzomisa ukucishwa kukagesi esikhathini esiyizinyanga ezingama-24 njengoba besike sasho. Kumele futhi sivikele futhi sigade iziteshi zikagesi ezenza kahle njengeMatimba, iMedupi neLethabo ukuze zingacekeleki phansi,” kusho uMakwana.
Usihlalo webhodi ubalule ukuthi nakuba inkampani ephehla ugesi ibhekene nezinselelo kodwa lokhu akuyona into engangenzeki waphinde wanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambisane nenkampani ephehla ugesi njengoba isebenzela ukuguqula isimo ukuze kusizakale wonke umuntu.
“Uxhaso oludingwa u-Eskom kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika wukusebenzisa ugesi ngokuwonga,” kusho uMakwana.