NationalPolitics

UMongameli umemezele iSimo seNhlekelele

Umongameli u-Cyril Ramaphosa umemezele ngokusemthethweni iSimo seNhlekelele kuZwelonke ngokuphazima kweso njengendlela yokubhekana nenkinga kagesi esikhungethe eNingizimu Afrika njengamanje.

Sekube yisikhathi manje, u-Eskom enezingqinambazokugcina amalambu ekhanya ezinyangeni ezimbalwa ezendlule, lokho okuholele ekunyukeni kwezigaba zokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga okube nomthelela ongemuhle ezimpilweni zabantu, ezindleleni zabantu zokuziphilisa nakwezamabhizinisi.

NgoLwesine mhla wesi-9 kuNhlolanja 2023, uMongameli umemezele ngeSimo seNhlekelele ngesikhathi ethula iNkulumo yoBunjalo Besimo seZwe eHholo laseKapa.

“Ngesikhathi sezinkinga, sidinga isisombululo ngazwilinye. Njengoba sisuke sichaza umsuka wenkinga, sidinga futhi ukuveza umthelela wayo. Inkinga isisabalele ngokujulile yaze yathinta lonke Ilunga lomphakathi,” kusho uMongameli.

Unezelele ngokuthi uhulumeni kumele enze okuthile ukunciphisa umthelela wale nkinga kubalimi, amabhizinisi asafufusa, ingqalasizinda yamanzi, ezokuthutha kanye nezindawo nezikhungo ezithile ezithinta izimpilo zabahlali.

“Ngenxa yazo zonke lezi zinkinga esibhekene nazo, iSikhungo Esengamele iziNhlekelele kuZwelonke (i-National Disaster Management Centre) sichaze inkinga kagesi kanye nomthelela wayo njengenhlekelele kazwelonke. Ngakho-ke simemezela ngokusemthethweni iSimo seNhlekelele kuZwelonke njengendlela yokubhekana nenkinga kagesi nomthelela wayo,” kusho uMongameli u-Ramaphosa.

Ugcizelele ukuthi ukushoda kukagesi isimo esingesihle neze ngoba izwe ligcina lizithole lidinga uhulumeni ukuthi enze okuthile ngokushesha.

“Izimo ezinzima zidinga uthathe izinyathelo ezinzima. Inkinga kagesi iletha ingcindezi enkulu emnothweni wethu nasenhlalweni yabantu. Kumele senze konke okusemandleni, futhi singachithi isikhathi ukuqalisa lezi zinyathelo,” kusho yena.

Kuzosebenza kanjani

UMongameli uchazile ukuthi ukubeka ngokusemthethweni kwezwe ngaphansi kwalesi sigaba senhlekelele kuzwelonke kuzokwenza ukuthi uhulumeni ekwazi ukuhlinzeka ngezindlela zokusiza amabhizinisi athintekile ngenxa yokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga.

“Ukubekwa kweSimo seNhlekelele KuZwelonke kuzosisiza ukuthi sikwazi ukuhlinzeka izindlela ezithile ukuseka amabhizinisi akhiqiza ukudla, ukugcinwa wako kanye nentengiso yako, kubalwa nokukhishwa kwamajeneretha, amasola nokuhlinzekwa kukagesi okungaphazamiseki,” kusho yena.

Uma kwenzeka, uMongameli uthe iSimo seNhlekelele sizovumela izwe ukuthi ungacinywa ugesi ngenhloso yokuwonga kwizingqalasizinda ezibucayi njengezibhedlela kanye nezizinda zezihlanzimanzi.

“Kuzosivumela ukuthi sisheshise imiklamo kagesi futhi sinciphise imithetho yokulawula ngesikhathi sigcina ukuvikeleka kwezemvelo kanye nezindlela zokuqhuba umsebenzi ngokufanele,” kusho yena.

UMongameli u-Ramaphosa uqinisekise umphakathi ukuthi izindleko eziphathelene neSimo seNhle -kelelekuZwelonke zizoqashelwa ngeso lokhozi ihhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele ukulwisana nokuxhashazwa kwanoma yiziphi izimali eziqondene nenkinga kagesi.

Okunye, uNgqongqoshe Wezogesi eHhovisi likaMongameli kulindeleke ukuthi aqokwe ukuze ezogxila kuphela ekuhlonzweni kwezindlela zokukhipha izwe kule nkinga ekhona kagesi.

“Ngizoqoka uNgqongqoshe Wezogesi eHhovisi likaMongameli ozoqala umsebenzi wokwengamela zonke izisombululo zenkinga kagesi, kubalwa nomsebenzi Wekomidi likaZwelonke eLibhekelele Inkinga Kagesi,” kusho uMongameli.

Unezelele ngokuthi uNgqongqoshe uzosebenza ngokuphelele aphinde abambisane nebhodi nabaphathi bakwa-Eskom ukuqeda ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga nokuqinisekisa ukuthi Uhlelo Lokusebenza Lwezamandla luqaliswa ukusebenza ngaphandle kokuchitha isikhathi.

UMongameli uphinde wathi uMnyango kaMgcinimafa kuZwelonke usemaphethelweni okuthola isisombululo sokuqeda umthwalo osemahlombe wesikweletu sika-Eskom esiyizigidigidi ezingama-400 zamarandi ngendlela ezovuna iphinde ihambisane nabo bonke esibambisene nabo, okuzosiza le mboni kagesi ukuthi iqhamuke nezindlela ezidingekayo zotshalomali ekunakekelweni nasekuthunyelweni kukagesi.

“Uhulumeni uzoseka u-Eskom ukuthola olunye uxhasomali lokuthenga udizili kuze kuphele unyaka wezimali. Lokhu kumele kwehlise ubunzima bokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga njengoba u-Eskom ezokwazi ukusebenzisa iziphehlimandla ezisebenza ngodizili uma uhlelokusebenza lokuhlinzekwa kukagesi lungaphansi kwengcindezi,” ubeke kanjalo.

U-Eskom wethule uhlelo lokuthengwa kwamandla kagesi osele ezinkampanini ezikhiqiza ugesi ezizimele futhi usekwazile ukuthenga umthamo olinganiselwa kuma-300 MW emazweni angomakhelwane.

Okunye, uMongameli uphinde wathi Uphiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika lusungule ithimba elizimisele elinobuholi obuphezulu ukubhekana nenkohlakalo nokweba okubelesele eziteshini zikagesi eziningi okube nomthelela ongemuhle wokusebenza ngendlela engagculisi kweziteshi.   

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *